Ngokuba isikhuthazo sethu asiveli enkohlisweni, noma ngokungcola, noma ngenkohliso; Kodwa njengoba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuthi siphathiswe ivangeli, sikhuluma ngokunjalo; kungenjengokuthokozisa abantu, kodwa uNkulunkulu ohlola izinhliziyo zethu. Ngokuba asizange sibe namazwi athophayo, njengokuba nazi, noma sifihle ukuhaha; UNkulunkulu ungufakazi: Asifunanga ukudunyiswa ngabantu, nakini, noma kwabanye, nakuba sasingaba umthwalo njengabaphostoli bakaKristu. Kodwa sasimnene phakathi kwenu njengomdlezane ondla abantwana bakhe; Kanjalo njengoba besinilangazela, sathanda ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nemiphefumulo yethu uqobo, ngokuba nanithandeka kithi.
Funda 1 kwabaseThesalonika 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseThesalonika 2:3-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo