1 uSamuweli 20:11-17
1 uSamuweli 20:11-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle. UJonathani wathi kuDavide: “Ngiyethembisa ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuthi nxa ngimbuza ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, uma ekhuluma okuhle ngawe Davide, ngiyakuthumela kuwe ngikwazise. USimakade makenze kanjalo kuJonathani, kuphindwe futhi uma ubaba ehlose ukukwenza okubi ngingakwazisi lokho, bese ngikuvumela ubaleke ukuze uphephe. USimakade makabe nawe, njengalokhu ayenobaba. Uma ngisaphila ngikhombise isihawu sikaSimakade, kodwa uma ngifa, ungayeki ukwenzela abendlu yami ububele, ngisho noma uSimakade eseziqothule zonke izitha zikaDavide emhlabeni.” UJonathani wayesenza isivumelwano nabendlu kaDavide, wathi: “Sengathi uSimakade angaziqeda nya izitha zikaDavide.” UJonathani waphinda wamfungisa mayelana nokumthanda kwakhe, ngokuba wayemthanda njengoba ezithanda yena.
1 uSamuweli 20:11-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJonathani wasesithi kuDavida: Woza, siphume siye egangeni. Basebephuma bobabili baya ensimini. UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, uma ngivuthela ubaba kusasa noma ngosuku lwesithathu, bheka, uma kukhona okuhle kuDavide, khona-ke ngingathumi kuwe ukukukhombisa lokho; UJehova wenza lokhu, nokunye okuningi kuJonathani; kepha uma kukuhle kubaba ukwenza okubi kuwe, ngiyakukwazisa, ngikumukise, uhambe ngokuthula; uJehova uyakuba nawe njengalokho ebenobaba. Aniyikungenzela umusa kaJehova kuphela ngisekhona, ukuze ngingafi. Kepha umusa wakho awuyikuwususa endlini yami kuze kube phakade; Ngalokho uJonathani wenza isivumelwano nendlu kaDavide, wathi: “UJehova makakufune esandleni sezitha zikaDavide. UJonathani waphinda wafungisa uDavide, ngokuba wayemthanda, ngokuba wayemthanda njengoba ethanda umphefumulo wakhe.
1 uSamuweli 20:11-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle. UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe. UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba. Awuyikungenzela umusa kaJehova ukuba ngingafi ngisekhona kuphela, kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube phakade, hhayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.” UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide. UJonathani waphinda wamfungisa ukumthanda kwakhe, ngokuba wamthanda njengokuba ethanda umphefumulo wakhe.