UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle. UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe. UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba. Awuyikungenzela umusa kaJehova ukuba ngingafi ngisekhona kuphela, kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube phakade, hhayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.” UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide. UJonathani waphinda wamfungisa ukumthanda kwakhe, ngokuba wamthanda njengokuba ethanda umphefumulo wakhe.
Funda 1 uSamuweli 20
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 uSamuweli 20:11-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo