1 USamuweli 20:11-17

1 USamuweli 20:11-17 ZUL20

UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle. UJonathani wathi kuDavide: “Ngiyethembisa ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuthi nxa ngimbuza ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, uma ekhuluma okuhle ngawe Davide, ngiyakuthumela kuwe ngikwazise. USimakade makenze kanjalo kuJonathani, kuphindwe futhi uma ubaba ehlose ukukwenza okubi ngingakwazisi lokho, bese ngikuvumela ubaleke ukuze uphephe. USimakade makabe nawe, njengalokhu ayenobaba. Uma ngisaphila ngikhombise isihawu sikaSimakade, kodwa uma ngifa, ungayeki ukwenzela abendlu yami ububele, ngisho noma uSimakade eseziqothule zonke izitha zikaDavide emhlabeni.” UJonathani wayesenza isivumelwano nabendlu kaDavide, wathi: “Sengathi uSimakade angaziqeda nya izitha zikaDavide.” UJonathani waphinda wamfungisa mayelana nokumthanda kwakhe, ngokuba wayemthanda njengoba ezithanda yena.