1 AmaKhosi 11:1-43

1 AmaKhosi 11:1-43 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane bezizwe abaningi nendodakazi kaFaro, abesifazane bakwaMowabi, bakwa-Amoni, bakwa-Edomi, bamaSidoni nabamaHithi. Babevela ezizweni ayeshilo ngazo uSimakade kubantu bakwa-Israyeli, wathi: “Ningahambi phakathi kwabo, nabo bangahambi phakathi kwenu, ngokuba bayakuziphambukisa impela izinhliziyo zenu, bese zilandela onkulunkulu babo.” Kepha uSolomoni wanamathela kubo, wabathanda. USolomoni wayenabafazi abangamadodakazi amakhosi abangama-700, nezancinza ezingama-300. Amakhosikazi akhe ayiphambukisa inhliziyo yakhe. Kuthe esemdala uSolomoni, bayiphambukisa omkakhe inhliziyo yakhe walandela abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe ayibange isanamathela kuSimakade uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kayise uDavide. USolomoni walandela u-Ashitharothi, unkulunkulukazi wamaSidoni noMilikhomu, isinengiso sabakwa-Amoni. USolomoni wenza okubi phambi kukaSimakade; akamlandelanga uSimakade ngokupheleleyo njengoyise uDavide. USolomoni wakhela uKhemoshi isinengiso sabakwaMowabi, noMolokhi isinengiso sabakwa-Amoni indawo ephakemeyo entabeni eyayiphambi kweJerusalema. Wawenzela kanjalo wonke amakhosikazi akhe ezizwe ayeshisa impepho, ahlabele onkulunkulu bawo. USimakade wamthukuthelela uSolomoni, ngokuba inhliziyo yakhe yayisiphambukile kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owayebonakale kabili kuye, wamyala ngalokho ukuthi angalokothi alandele abanye onkulunkulu, nokho akazange akugcine lokho uSimakade ayemyale ngakho. USimakade wathi kuSolomoni: “Njengoba wena wenze lokhu, awaze wasigcina isivumelwano sami nezimiso zami engakuyala ngakho, umbuso ngizowuhlwitha nokuwuhlwitha kuwe, bese ngiwunika inceku yakho. Kepha lokhu angiyukukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide, uyihlo, kodwa ngizowuhlwitha esandleni sendodana yakho. Nokho angiyukuwuhlwitha wonke umbuso kuyo, kodwa ngiyoyinika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide, inceku yami, nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.” USimakade wavusa ozomelana noSolomoni, uHadadi wakwa-Edomi; owayengowendlu yenkosi yakwa-Edomi. Kwathi uDavide ekwa-Edomi, uJowabe induna yempi, wenyuka wayongcwaba ababebulewe; wayebulele izindimbane zabesilisa bakwa-Edomi. UJowabe naye wonke u-Israyeli bahlala lapho izinyanga eziyisithupha, waze wababulala bonke abesilisa kwa-Edomi. UHadadi wayeselibhobhodleyana, abathile ababeyizinceku zikayise babaleka naye, baya eGibhithe. Basuka kwaMidiyani, baya ePharanu; bathatha amadoda ePharanu baya nawo eGibhithe kuFaro, inkosi yakhona. UFaro wamnika indlu, nesabelo sokudla nezwe. UHadadi wafumana umusa omkhulu kuFaro, waze wamganisela umlamu wakhe, udadewabo kaThahiphenesi, inkosikazi yakhe. UDadewabo kaThahiphenesi wazalela uHadadi uGenubhathi, indodana yakhe. UThahiphenesi wamlumula uGenubhathi, wayesemhlalisa namadodana kaFaro esigodlweni sikaFaro. UHadadi eseGibhithe, wezwa ukuthi uDavide usekhotheme nokuthi uJowabe induna yempi ufile, wayesethi kuFaro: “Ngivumele ukuba ngihambe, ngibuyele ezweni lakithi.” UFaro wathi kuye: “Kukhona yini okuswele njengoba ulapha kimi ukuba ungaze ufune ukubuyela ezweni lakini na?” Wathi: “Angeswele lutho, kodwa ngivumele impela ukuba ngihambe.” UNkulunkulu wabuye wavusa omunye ozomelana noSolomoni, uRezoni, indodana ka-Eliyada, owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri, inkosi yaseZobha. Ngesikhathi uDavide ebabulala, waziqoqela abantu, wayeseba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku. URezoni wamelana no-Israyeli zonke izinsuku zokuphila zikaSolomoni, ngaphezu kobubi ayebenza uHadadi, wayenengwa kakhulu ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu. UJerobhowamu, indodana kaNebhathi wakwa-Efrayimi waseZereda, unina okwakunguZeruya umfelokazi, incekukazi kaSolomoni, wamelana nenkosi. Isizathu esamenza wamelana nenkosi yilesi: kwathi lapho uSolomoni akha iMilo, wavala isikhala emzini kayise uDavide. USolomoni wayibona le ndoda, uJerobhowamu, ukuthi iyiqhawe elinamandla, futhi iwukhuthalele umsebenzi wayo, wayeseyibeka ukuba yengamele wonke umsebenzi wendlu kaJosefa. Kwathi ngaleso sikhathi lapho uJerobhowamu ephumile eJerusalema, umphrofethi u-Ahiya waseShilo wahlangana naye endleleni, wayembethe ingubo entsha, bobabili bebodwa lapho endle. U-Ahiya wayibamba ingubo entsha ayeyembethe wayiklebhula imidweshu eli-12. Wathi kuJerobhowamu: “Zithathele imidweshu ibe lishumi, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngizowuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwana ezilishumi. Yena uyokuba nesizwe esisodwa ngenxa yenceku yami, uDavide, nangenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethe kuzona zonke izizwe zakwa-Israyeli, ngoba bangishiyile, bayokhuleka ku-Ashitharothi unkulunkulu wamaSidoni, uKhemoshi, unkulunkulu wabakwaMowabi, nakuMilikhomu, unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami, ukuba benze okuhle emehlweni ami, abazilandela izimiso zami, nezehlulelo zami njengoDavide, uyise. “ ‘Kepha angiyukuwususa wonke umbuso esandleni sakhe; ngiyomenza umbusi zonke izinsuku zokuphila kwakhe ngenxa kaDavide, inceku yami, engamkhetha, yena wayigcina imiyalo yami nezimiso zami. Kodwa ngiyakuwuthatha umbuso esandleni sendodana yakhe, ngiwunike wena; izizwana ezilishumi. Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye vo ukuze uDavide, inceku yami, abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethe ukuba ngibeke iGama lami kuwo. Wena ngiyokwenza ubuse phezu kwakho konke inhliziyo yakho ekufisayo, ube yinkosi phezu kuka-Israyeli. Kuyokuthi uma ulalela konke engiyokukuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami, ugcine izimiso nemiyalo yami njengalokhu kwenza uDavide, inceku yami, ngiyokuba nawe, ngikwakhele indlu eqinile njengoba ngakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli. Ngenxa yalokho, ngiyakuthobisa uzalo lukaDavide, kodwa akuyukuba njalonjalo.’ ” USolomoni wazama ukumbulala uJerobhowamu. UJerobhowamu wasuka wabalekela eGibhithe kuShishakhi, inkosi yakhona, wahlala lapho kwaze kwakhothama uSolomoni. Ezinye izindaba zikaSolomoni, nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zikaSolomoni na? USolomoni wabusa eseJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke, iminyaka engama-40. USolomoni wakhothama, walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa emzini kaDavide, uyise. URehobhowamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 AmaKhosi 11:1-43 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe kanye nendodakazi kaFaro, abangamaMowabikazi, nama-Amonikazi, nama-Edomikazi, namaSidonikazi, namaHetikazi, abezizwe uJehova ayeshilo ngabo kwabakwa-Israyeli ukuthi: “Aniyikungena kubo, nabo bangangeni kini, ngokuba impela bayakuziphambukisa izinhliziyo zenu, zize zilandele onkulunkulu babo.” Kulabo uSolomoni wanamathela ngothando. Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe. Kwathi uSolomoni esemdala, omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokuphelelyo njengenhliziyo kaDavide uyise. USolomoni walandela u-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni noMilkomu isinengiso sabakwa-Amoni. USolomoni wenza okubi emehlweni kaJehova, kamlandelanga uJehova ngokupheleleyo njengoDavide uyise. USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJerusalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni. Wabenzela kanjalo bonke omkakhe bezizwe abashisa impepho, bahlabela onkulunkulu babo. UJehova wamthukuthelela uSolomoni, ngokuba inhliziyo yakhe yayiphambukile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owayebonakele kuye kabili, wamyala ngale nto yokuthi akayikulandela abanye onkulunkulu; kepha akagcinanga lokho uJehova amyale ngakho. Ngalokho uJehova wathi kuSolomoni: “Njengokuba wenzile lokho wena, ungagcinanga isivumelwano sami nezimiso zami engikuyale ngakho, ngiyakuwuhlwitha nokuhlwitha umbuso kuwe, ngiwunike inceku yakho. Kepha angiyikukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide uyihlo, kodwa ngiyakuwuhlwitha esandleni sendodana yakho. Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha, kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.” UJehova wamvusela uSolomoni omelana naye, uHadadi wakwa-Edomi; wayengowozalo lwenkosi yakwa-Edomi. Kwathi uDavide ekwa-Edomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwa-Edomi ngokuba uJowabe naye wonke u-Israyeli bahlala khona izinyanga eziyisithupha, waze waqeda bonke abesilisa kwa-Edomi uHadadi wabaleka, yena nabakwa-Edomi abathile bezinceku zikayise benaye, ukuya eGibithe, uHadadi esengumntwana omncane. Basuka kwaMidiyani, beza ePharanu; bathatha amadoda ePharanu, baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe. UHadadi wafumana umusa omkhulu emehlweni kaFaro, waze wamnika umlamu wakhe abe ngumkakhe, udadewabo wenkosikazi uThahipenesi. Udadewabo kaThahipenesi wamzalela uGenubati, indodana yakhe, uThahipenesi amlumula endlini kaFaro; uGenubati wayesendlini kaFaro phakathi kwamadodana kaFaro. UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide ulele koyise nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: “Ngivumele ukuba ngihambe ngiye ezweni lakithi.” UFaro wathi kuye: “Uswele ntoni lapha kimi ukuba ufune ukuya ezweni lakini na?” Wathi: “Lutho, kepha mangivunyelwe impela ukuba ngihambe.” UNkulunkulu wamvusela omunye omelana naye, uRezoni indodana ka-Eliyada owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri inkosi yaseSoba. Lapho uDavide ebabulala, wazibuthela abantu, waba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku. Wamelana no-Israyeli zonke izinsuku zikaSolomoni phezu kokubi akwenzayo uHadadi, wanengwa ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu. UJerobowamu indodana kaNebati wakwa-Efrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe. Isizathu sokuba aphakamisele isandla sakhe enkosini sasiyilesi: USolomoni wayelakha iMilo, wavala isikhala emzini kaDavide uyise. Leyo ndoda uJerobowamu yayiyiqhawe elinamandla; uSolomoni wayibona leyo nsizwa ukuthi ikhuthele emsebenzini wayo, wayibeka phezu kwawo wonke umsebenzi wendlu kaJosefa. Kwathi ngaleso sikhathi, lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema, umprofethi u-Ahiya waseShilo wamfumana endleleni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle. U-Ahiya wayibamba leyo ngubo entsha eyayikuye, wayiklebhula imidweshu eyishumi nambili. Wayesethi kuJerobowamu: “Zithathele imidweshu eyishumi, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Bheka, ngiyakuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwe eziyishumi kodwa yena uyakuba nesizwe sibe sinye ngenxa yenceku yami uDavide nangenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise. “ ‘Nokho angiyikususa wonke umbuso esandleni sakhe, kepha ngiyakumenza abe yisikhulu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engamkhethayo, owagcina imiyalo yami nezimiso zami; kodwa ngiyakuwukhipha umbuso esandleni sendodana yakhe, ngiwunike wena, izizwe eziyishumi. Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye, ukuze uDavide inceku yami abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami. Ngiyakukuthatha wena, ubuse phezu kwakho konke okuthandwa yinhliziyo yakho, ube yinkosi phezu kuka-Israyeli. Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami, ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli. Ngenxa yalokho ngiyakuyithobisa inzalo kaDavide, kodwa akuyikuba njalonjalo.’ ” USolomoni wayesefuna ukumbulala uJerobowamu, kepha uJerobowamu wasuka, wabalekela eGibithe kuShishaki inkosi yaseGibithe, wahlala eGibithe waze wafa uSolomoni. Ezinye izindaba zikaSolomoni, nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zikaSolomoni. Isikhathi uSolomoni abusa ngaso eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke sasiyiminyaka engamashumi amane. USolomoni wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 AmaKhosi 11:1-43 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kepha inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe, kanye nendodakazi kaFaro, abesifazane bakwaMowabi, nabakwa-Amoni, nabakwa-Edomi, namaSidoni, namaHeti; Ezizweni uJehova asho ngazo kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: “Ningangeni kuzo, nazo zingangeni kini; Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa, amakhosazana, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe. Ngokuba uSolomoni esemdala, abafazi bakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe yayingaphelele kuJehova uNkulunkulu wakhe njengenhliziyo kaDavide uyise. USolomoni walandela uAshitoreti unkulunkulu wamaSidoni noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni. USolomoni wenza okubi emehlweni kaJehova, akamlandelanga uJehova ngokupheleleyo njengoDavide uyise. USolomoni wamakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni ephambi kweJerusalema, noMologi isinengiso sabantwana bakwa-Amoni. Wenzela njalo kubo bonke abafazi bakhe bezizwe ababenikela impepho bahlabela onkulunkulu babo. UJehova wamthukuthelela uSolomoni, ngokuba inhliziyo yakhe yayisiphendukile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owabonakala kuye kabili; Wamyala ngale ndaba ukuthi angalandeli abanye onkulunkulu, kepha akakugcinanga lokho uJehova amyale ngakho. Ngakho uJehova wathi kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi lokhu kwenziwe kuwe, futhi awugcinanga isivumelwano sami nezimiso zami engakuyala ngakho, ngokuqinisekile ngizowuhlwitha umbuso kuwe ngiwunike inceku yakho. Kodwa ezinsukwini zakho kangiyikukwenza lokhu ngenxa kayihlo uDavida; kodwa ngiyakuwuhlwitha esandleni sendodana yakho. Kodwa kangiyikuwuklebhula wonke umbuso; kodwa ngizayinika indodana yakho isizwe esisodwa ngenxa yenceku yami uDavida langenxa yeJerusalema engilikhethileyo. UJehova wamvusela uSolomoni isitha, uHadadi wakwa-Edomi; wayengowozalo lwenkosi kwa-Edomi. Kwathi lapho uDavide ese-Edomi, uJowabe induna yempi wenyuka ukuyombela ababuleweyo, esebulele bonke abesilisa kwa-Edomi; UJowabe wahlala lapho no-Israyeli wonke izinyanga eziyisithupha waze wabhubhisa bonke abesilisa kwa-Edomi. UHadadi wabaleka, yena nabathile bakwa-Edomi bezinceku zikayise kanye naye, baya eGibithe; UHadadi usengumntwana omncane. Basuka kwaMidiyani, bafika ePharanu; owamnika indlu wambekela ukudla, wamnika nezwe. UHadadi wafumana umusa omkhulu emehlweni kaFaro, waze wamnika udadewabo womkakhe, udadewabo kaThahipenesi indlovukazi, abe ngumkakhe. Udadewabo kaThahipenesi wamzalela uGenubati indodana yakhe, uThahipenesi amlumula endlini kaFaro; uGenubati wayesendlini kaFaro phakathi kwamadodana kaFaro. UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide wayeselele koyise, nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: “Ngivumele ngihambe ngiye ezweni lakithi.” UFaro wasesithi kuye: Kodwa usweleni kimi, ukuthi ukhangele, ufuna ukuya elizweni lakini? Wasesithi: Lutho; Nokho, ngivumele ngihambe noma ngayiphi indlela. UNkulunkulu wamvusela omunye omelene naye, uReshoni, indodana ka-Eliyada, owabaleka enkosini yakhe uHadadezeri, inkosi yaseSoba. Wabutha amadoda kanye naye, waba yinhloko yeviyo, lapho uDavide ebulala abaseSoba; baya eDamaseku, bahlala kulo, babusa eDamaseku. Waba yisitha sika-Israyeli zonke izinsuku zikaSolomoni, ngaphandle kokubi uHadadi akwenzayo; wamzonda u-Israyeli, wabusa phezu kwama-Aramu. UJerobowamu, indodana kaNebati, umEfrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguZeruwa umfelokazi, yebo, wasiphakamisela isandla sakhe enkosini. Yilesi isizathu sokuba aphakamisele isandla sakhe enkosini: USolomoni wakha iMilo, walungisa izimfa zomuzi kaDavide uyise. Indoda uJerobowamu yayiliqhawe elinesibindi; lapho uSolomoni ebona insizwa ukuthi ikhuthele, wayimisa phezu kwayo yonke inkonzo yendlu kaJosefa. Kwathi ngaleso sikhathi uJerobowamu ephuma eJerusalema, umprofethi u-Ahiya waseShilo wamfumana endleleni; wembatha ingubo entsha; babebodwa endle bobabili. U-Ahiya wayesethatha ingubo entsha ayeyigqokile, wayiklebhula iziqephu eziyishumi nambili. Wathi kuJerobowamu: “Zithathele izingxenye eziyishumi, ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiyakudabula umbuso esandleni sikaSolomoni, ngikunike izizwe eziyishumi; Kodwa yena uzakuba lesizwe esisodwa ngenxa yenceku yami uDavida langenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethileyo kuzo zonke izizwe zakoIsrayeli. Ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti, unkulunkulu wamaSidoni, noKemoshi, unkulunkulu wamaMowabi, noMilkomu, unkulunkulu wabantwana bakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami amehlo, nokugcina izimiso zami nezahlulelo zami, njengoDavide uyise. Kodwa ngeke ngiwususe wonke umbuso esandleni sakhe, kodwa ngokuqinisekile ngizombeka abe yisikhulu zonke izinsuku zokuphila kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engiyikhethile, ngoba yagcina imiyalo yami nezimiso zami. Kodwa ngizawuthatha umbuso esandleni sendodana yakhe ngiwunike wena, izizwe ezilitshumi. Indodana yakhe ngizayinika isizwe esisodwa, ukuze inceku yami uDavida ibe lokukhanya njalo phambi kwami eJerusalema, umuzi engizikhethele wona ukuthi ngimise khona ibizo lami. Futhi ngizokuthatha, futhi uyoba yinkosi njengoba nje umphefumulo wakho ufisa, futhi uyoba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ezindleleni zami, wenze okulungile emehlweni ami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho enzile uDavide inceku yami; ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eqinile, njengalokho ngakwakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli. Futhi ngenxa yalokho ngiyocindezela inzalo kaDavide, kodwa hhayi kuze kube phakade. USolomoni wazama ukubulala uJerobowamu. UJerobowamu wayeseqeda, wabalekela eGibithe kuShishaki inkosi yaseGibithe, wahlala eGibithe waze wafa uSolomoni. Ezinye izindaba zikaSolomoni, nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla kaSolomoni na? Isikhathi uSolomoni abusa ngaso eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke sasiyiminyaka engamashumi amane. USolomoni wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.