1 AMakhosi 11

11
Abafazi BakaSolomoni Bezizwe Nokuphambuka Kwakhe
1 Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane bezizwe abaningi nendodakazi kaFaro, abesifazane bakwaMowabi, bakwa-Amoni, bakwa-Edomi, bamaSidoni nabamaHithi. 2 Babevela ezizweni ayeshilo ngazo uSimakade kubantu bakwa-Israyeli, wathi: “Ningahambi phakathi kwabo, nabo bangahambi phakathi kwenu, ngokuba bayakuziphambukisa impela izinhliziyo zenu, bese zilandela onkulunkulu babo.”
Kepha uSolomoni wanamathela kubo, wabathanda. 3 USolomoni wayenabafazi abangamadodakazi amakhosi abangama-700, nezancinza ezingama-300. Amakhosikazi akhe ayiphambukisa inhliziyo yakhe. 4 Kuthe esemdala uSolomoni, bayiphambukisa omkakhe inhliziyo yakhe walandela abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe ayibange isanamathela kuSimakade uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kayise uDavide. 5 USolomoni walandela u-Ashitharothi, unkulunkulukazi wamaSidoni noMilikhomu, isinengiso sabakwa-Amoni. 6USolomoni wenza okubi phambi kukaSimakade; akamlandelanga uSimakade ngokupheleleyo njengoyise uDavide.
7 USolomoni wakhela uKhemoshi isinengiso sabakwaMowabi, noMolokhi isinengiso sabakwa-Amoni indawo ephakemeyo entabeni eyayiphambi kweJerusalema. 8Wawenzela kanjalo wonke amakhosikazi akhe ezizwe ayeshisa impepho, ahlabele onkulunkulu bawo.
9 USimakade wamthukuthelela uSolomoni, ngokuba inhliziyo yakhe yayisiphambukile kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owayebonakale kabili kuye, 10wamyala ngalokho ukuthi angalokothi alandele abanye onkulunkulu, nokho akazange akugcine lokho uSimakade ayemyale ngakho.
11 USimakade wathi kuSolomoni: “Njengoba wena wenze lokhu, awaze wasigcina isivumelwano sami nezimiso zami engakuyala ngakho, umbuso ngizowuhlwitha nokuwuhlwitha kuwe, bese ngiwunika inceku yakho. 12Kepha lokhu angiyukukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide, uyihlo, kodwa ngizowuhlwitha esandleni sendodana yakho. 13 Nokho angiyukuwuhlwitha wonke umbuso kuyo, kodwa ngiyoyinika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide, inceku yami, nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”
USimakade Uvusa Abazomelana NoSolomoni
14USimakade wavusa ozomelana noSolomoni, uHadadi wakwa-Edomi; owayengowendlu yenkosi yakwa-Edomi. 15 Kwathi uDavide ekwa-Edomi, uJowabe induna yempi, wenyuka wayongcwaba ababebulewe; wayebulele izindimbane zabesilisa bakwa-Edomi. 16UJowabe naye wonke u-Israyeli bahlala lapho izinyanga eziyisithupha, waze wababulala bonke abesilisa kwa-Edomi. 17UHadadi wayeselibhobhodleyana, abathile ababeyizinceku zikayise babaleka naye, baya eGibhithe. 18 Basuka kwaMidiyani, baya ePharanu; bathatha amadoda ePharanu baya nawo eGibhithe kuFaro, inkosi yakhona. UFaro wamnika indlu, nesabelo sokudla nezwe.
19UHadadi wafumana umusa omkhulu kuFaro, waze wamganisela umlamu wakhe, udadewabo kaThahiphenesi, inkosikazi yakhe. 20UDadewabo kaThahiphenesi wazalela uHadadi uGenubhathi, indodana yakhe. UThahiphenesi wamlumula uGenubhathi, wayesemhlalisa namadodana kaFaro esigodlweni sikaFaro.
21 UHadadi eseGibhithe, wezwa ukuthi uDavide usekhotheme nokuthi uJowabe induna yempi ufile, wayesethi kuFaro: “Ngivumele ukuba ngihambe, ngibuyele ezweni lakithi.”
22UFaro wathi kuye: “Kukhona yini okuswele njengoba ulapha kimi ukuba ungaze ufune ukubuyela ezweni lakini na?”
Wathi: “Angeswele lutho, kodwa ngivumele impela ukuba ngihambe.”
23 UNkulunkulu wabuye wavusa omunye ozomelana noSolomoni, uRezoni, indodana ka-Eliyada, owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri, inkosi yaseZobha. 24 Ngesikhathi uDavide ebabulala, waziqoqela abantu, wayeseba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku. 25URezoni wamelana no-Israyeli zonke izinsuku zokuphila zikaSolomoni, ngaphezu kobubi ayebenza uHadadi, wayenengwa kakhulu ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu.
Isiphrofetho Sika-Ahiya Ku-Jerobhowamu
26 UJerobhowamu, indodana kaNebhathi wakwa-Efrayimi waseZereda, unina okwakunguZeruya umfelokazi, incekukazi kaSolomoni, wamelana nenkosi.
27 Isizathu esamenza wamelana nenkosi yilesi: kwathi lapho uSolomoni akha iMilo, wavala isikhala emzini kayise uDavide. 28 USolomoni wayibona le ndoda, uJerobhowamu, ukuthi iyiqhawe elinamandla, futhi iwukhuthalele umsebenzi wayo, wayeseyibeka ukuba yengamele wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.
29 Kwathi ngaleso sikhathi lapho uJerobhowamu ephumile eJerusalema, umphrofethi u-Ahiya waseShilo wahlangana naye endleleni, wayembethe ingubo entsha, bobabili bebodwa lapho endle. 30 U-Ahiya wayibamba ingubo entsha ayeyembethe wayiklebhula imidweshu eli-12. 31 Wathi kuJerobhowamu: “Zithathele imidweshu ibe lishumi, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngizowuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwana ezilishumi. 32 Yena uyokuba nesizwe esisodwa ngenxa yenceku yami, uDavide, nangenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethe kuzona zonke izizwe zakwa-Israyeli, 33 ngoba bangishiyile, bayokhuleka ku-Ashitharothi unkulunkulu wamaSidoni, uKhemoshi, unkulunkulu wabakwaMowabi, nakuMilikhomu, unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami, ukuba benze okuhle emehlweni ami, abazilandela izimiso zami, nezehlulelo zami njengoDavide, uyise.
34“ ‘Kepha angiyukuwususa wonke umbuso esandleni sakhe; ngiyomenza umbusi zonke izinsuku zokuphila kwakhe ngenxa kaDavide, inceku yami, engamkhetha, yena wayigcina imiyalo yami nezimiso zami. 35 Kodwa ngiyakuwuthatha umbuso esandleni sendodana yakhe, ngiwunike wena; izizwana ezilishumi. 36 Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye vo ukuze uDavide, inceku yami, abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethe ukuba ngibeke iGama lami kuwo. 37Wena ngiyokwenza ubuse phezu kwakho konke inhliziyo yakho ekufisayo, ube yinkosi phezu kuka-Israyeli. 38 Kuyokuthi uma ulalela konke engiyokukuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami, ugcine izimiso nemiyalo yami njengalokhu kwenza uDavide, inceku yami, ngiyokuba nawe, ngikwakhele indlu eqinile njengoba ngakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli. 39Ngenxa yalokho, ngiyakuthobisa uzalo lukaDavide, kodwa akuyukuba njalonjalo.’ ”
40 USolomoni wazama ukumbulala uJerobhowamu. UJerobhowamu wasuka wabalekela eGibhithe kuShishakhi, inkosi yakhona, wahlala lapho kwaze kwakhothama uSolomoni.
Ukukhothama KukaSolomoni
41 Ezinye izindaba zikaSolomoni, nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zikaSolomoni na? 42USolomoni wabusa eseJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke, iminyaka engama-40. 43USolomoni wakhothama, walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa emzini kaDavide, uyise. URehobhowamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

1 AMakhosi 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo