1 AmaKhosi 11

11
Abafazi bakaSolomoni nokuduka kwakhe
1Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe kanye nendodakazi kaFaro, abangamaMowabikazi, nama-Amonikazi, nama-Edomikazi, namaSidonikazi, namaHetikazi, 2 abezizwe uJehova ayeshilo ngabo kwabakwa-Israyeli ukuthi: “Aniyikungena kubo, nabo bangangeni kini, ngokuba impela bayakuziphambukisa izinhliziyo zenu, zize zilandele onkulunkulu babo.” Kulabo uSolomoni wanamathela ngothando. 3Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe. 4Kwathi uSolomoni esemdala, omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokuphelelyo njengenhliziyo kaDavide uyise. 5 USolomoni walandela u-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni noMilkomu isinengiso sabakwa-Amoni. 6USolomoni wenza okubi emehlweni kaJehova, kamlandelanga uJehova ngokupheleleyo njengoDavide uyise.
7 USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJerusalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni. 8Wabenzela kanjalo bonke omkakhe bezizwe abashisa impepho, bahlabela onkulunkulu babo.
9 UJehova wamthukuthelela uSolomoni, ngokuba inhliziyo yakhe yayiphambukile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owayebonakele kuye kabili, 10 wamyala ngale nto yokuthi akayikulandela abanye onkulunkulu; kepha akagcinanga lokho uJehova amyale ngakho.
11 Ngalokho uJehova wathi kuSolomoni: “Njengokuba wenzile lokho wena, ungagcinanga isivumelwano sami nezimiso zami engikuyale ngakho, ngiyakuwuhlwitha nokuhlwitha umbuso kuwe, ngiwunike inceku yakho. 12Kepha angiyikukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide uyihlo, kodwa ngiyakuwuhlwitha esandleni sendodana yakho. 13Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha, kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”
UNkulunkulu umvusela uSolomoni izitha
14UJehova wamvusela uSolomoni omelana naye, uHadadi wakwa-Edomi; wayengowozalo lwenkosi yakwa-Edomi. 15 Kwathi uDavide ekwa-Edomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwa-Edomi 16ngokuba uJowabe naye wonke u-Israyeli bahlala khona izinyanga eziyisithupha, waze waqeda bonke abesilisa kwa-Edomi 17uHadadi wabaleka, yena nabakwa-Edomi abathile bezinceku zikayise benaye, ukuya eGibithe, uHadadi esengumntwana omncane. 18Basuka kwaMidiyani, beza ePharanu; bathatha amadoda ePharanu, baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.
19UHadadi wafumana umusa omkhulu emehlweni kaFaro, waze wamnika umlamu wakhe abe ngumkakhe, udadewabo wenkosikazi uThahipenesi. 20Udadewabo kaThahipenesi wamzalela uGenubati, indodana yakhe, uThahipenesi amlumula endlini kaFaro; uGenubati wayesendlini kaFaro phakathi kwamadodana kaFaro.
21UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide ulele koyise nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: “Ngivumele ukuba ngihambe ngiye ezweni lakithi.”
22UFaro wathi kuye: “Uswele ntoni lapha kimi ukuba ufune ukuya ezweni lakini na?”
Wathi: “Lutho, kepha mangivunyelwe impela ukuba ngihambe.”
23UNkulunkulu wamvusela omunye omelana naye, uRezoni indodana ka-Eliyada owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri inkosi yaseSoba. 24 Lapho uDavide ebabulala, wazibuthela abantu, waba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku. 25Wamelana no-Israyeli zonke izinsuku zikaSolomoni phezu kokubi akwenzayo uHadadi, wanengwa ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu.
Isiprofetho sika-Ahiya
26UJerobowamu indodana kaNebati wakwa-Efrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.
27Isizathu sokuba aphakamisele isandla sakhe enkosini sasiyilesi: USolomoni wayelakha iMilo, wavala isikhala emzini kaDavide uyise. 28Leyo ndoda uJerobowamu yayiyiqhawe elinamandla; uSolomoni wayibona leyo nsizwa ukuthi ikhuthele emsebenzini wayo, wayibeka phezu kwawo wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.
29Kwathi ngaleso sikhathi, lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema, umprofethi u-Ahiya waseShilo wamfumana endleleni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle. 30U-Ahiya wayibamba leyo ngubo entsha eyayikuye, wayiklebhula imidweshu eyishumi nambili. 31Wayesethi kuJerobowamu: “Zithathele imidweshu eyishumi, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Bheka, ngiyakuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwe eziyishumi 32 kodwa yena uyakuba nesizwe sibe sinye ngenxa yenceku yami uDavide nangenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli 33ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.
34“ ‘Nokho angiyikususa wonke umbuso esandleni sakhe, kepha ngiyakumenza abe yisikhulu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engamkhethayo, owagcina imiyalo yami nezimiso zami; 35kodwa ngiyakuwukhipha umbuso esandleni sendodana yakhe, ngiwunike wena, izizwe eziyishumi. 36 Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye, ukuze uDavide inceku yami abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami. 37Ngiyakukuthatha wena, ubuse phezu kwakho konke okuthandwa yinhliziyo yakho, ube yinkosi phezu kuka-Israyeli. 38 Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami, ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli. 39Ngenxa yalokho ngiyakuyithobisa inzalo kaDavide, kodwa akuyikuba njalonjalo.’ ”
40USolomoni wayesefuna ukumbulala uJerobowamu, kepha uJerobowamu wasuka, wabalekela eGibithe kuShishaki inkosi yaseGibithe, wahlala eGibithe waze wafa uSolomoni.
Ukufa kukaSolomoni
41 Ezinye izindaba zikaSolomoni, nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zikaSolomoni. 42Isikhathi uSolomoni abusa ngaso eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke sasiyiminyaka engamashumi amane. 43USolomoni wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

1 AmaKhosi 11: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo