1 kaJohane 2:1-6
1 kaJohane 2:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo; yena uyinhlawulo yezono zethu, kungengezethu zodwa, kodwa nezono zezwe lonke. Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe. Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, neqiniso alikho kuye. Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye. Lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.
1 kaJohane 2:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuze ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli osimela kuYise, uJesu Khristu olungileyo. Yena uyinhlawulo ngenxa yezono zethu, kungezona nje ezethu kuphela, kodwa nangenxa yezezwe lonke. Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi Yena, uma siyigcina imiyalo yakhe. Lo othi: “Ngiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, akanalo iqiniso. Kepha ogcina izwi lakhe, impela uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye. Lowo othi uhlala kuye, kufanele ahambe njengalokhu ahamba Yena.
1 kaJohane 2:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo; yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke. Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe. Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye; kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye; lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.
1 kaJohane 2:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)