1 kaJohane 2:1-6

1 kaJohane 2:1-6 ZULUNT

Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo; yena uyinhlawulo yezono zethu, kungengezethu zodwa, kodwa nezono zezwe lonke. Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe. Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, neqiniso alikho kuye. Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye. Lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo