1 KaJohane 2:1-6

1 KaJohane 2:1-6 ZUL20

Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuze ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli osimela kuYise, uJesu Khristu olungileyo. Yena uyinhlawulo ngenxa yezono zethu, kungezona nje ezethu kuphela, kodwa nangenxa yezezwe lonke. Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi Yena, uma siyigcina imiyalo yakhe. Lo othi: “Ngiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, akanalo iqiniso. Kepha ogcina izwi lakhe, impela uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye. Lowo othi uhlala kuye, kufanele ahambe njengalokhu ahamba Yena.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo