1 kwabaseKorinte 7:2-5
1 kwabaseKorinte 7:2-5 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Nokho ngenxa yobufebe, yilowo nalowo makabe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda. Indoda mayimnike okumfanele umkayo, kanjalo nomfazi endodeni. Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, yindoda yakhe; kanjalo nendoda ayinagunya kowakhe umzimba, ngumfazi kodwa. Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu.
1 kwabaseKorinte 7:2-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha ngenxa yobufebe, akube yileyo naleyo ndoda ibe nomfazi, kanjalo nowesifazane abe neyakhe indoda. Indoda mayimenelise umfazi ngokocansi, kanjalo nomfazi enze kanjalo endodeni. Umfazi kanamandla phezu komzimba wakhe, kodwa yindoda enawo, kanjalo nendoda kayinamandla phezu komzimba wayo, kodwa ngumfazi onawo. Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhashana ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.
1 kwabaseKorinte 7:2-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda. Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni. Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo. Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.
1 kwabaseKorinte 7:2-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)