1 kwabaseKorinte 7:1-40
1 kwabaseKorinte 7:1-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Maqondana nalokho enaloba ngakho, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane. Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda. Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni. Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo. Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu. Lokho ngikusho ngemvume, angikusho ngomyalo. Nokho ngingathanda ukuba abantu bonke babe njengami; kepha yilowo nalowo unesakhe isiphiwo somusa esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje. Kepha ngithi kwabangaganiwe nakubafelokazi: Kuhle kubona, uma behlala benjengami. Kepha uma bengenakuzibamba, mabaganane, ngokuba kuhle ukuganana kunokusha. Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukani nendoda; – kepha uma eke wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe – nendoda ingamlahli umkayo. Kepha kwabanye kusho mina, akusho iNkosi, ukuthi uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, angamlahli; nomfazi, uma enendoda engakholwayo, yona-ke ivuma ukuhlala naye, angayishiyi indoda. Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngomzalwane. Uma kungenjalo, abantwana benu ngabe bangcolile; kepha kalokhu bangcwele. Kepha uma ongakholwayo ehlukana nomkakhe, makahlukane naye; umzalwane noma umzalwanekazi kaboshiwe kokunjalo. Kepha uNkulunkulu unibizile nibe nokuthula. Ngokuba wena mfazi, wazi ngani ukuthi ungeyisindise indoda yakho? Nawe ndoda, wazi ngani ukuthi ungemsindise umkakho na? Kuphela nje ukuba yilowo nalowo ahambe njengokuba iNkosi imabele, kube yilowo njengokuba uNkulunkulu embizile. Ngiyala kanjalo emabandleni onke. Ukhona obizwe esokile na? Kangabi njengongasokile. Ukhona obizwe engasokile na? Kangasoki. Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kuphela ukugcina imiyalo kaNkulunkulu. Akube yilowo nalowo ahlale kulokho kubizwa abizwe ekukho. Ubizwe uyisigqila na? Ungakhathazeki ngalokho. Kepha uma kwenzeka ukuba ukhululwe, kukhethe lokho. Ngokuba owabizelwa eNkosini eyisigqila ungokhululekile weNkosi; ngokunjalo nowabizwa ekhululekile uyisigqila sikaKristu. Nithengiwe ngenani elikhulu; ningabi yizigqila zabantu. Bazalwane, akube yilowo nalowo ahlale noNkulunkulu kulokho abizwe ekukho. Kepha maqondana nezintombi anginamyalo weNkosi, kepha nginitshela ukubona kwami njengothembekileyo ngokuhawukelwa yiNkosi. Ngakho-ke ngithi kuhle lokhu ngenxa yokubandezeka okukhona ukuba umuntu abe njengalokhu enjalo. Uboshelwe kumfazi na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumfazi na? Ungamfuni umfazi. Kepha-ke uma uganwa, kawoni; nentombi uma igana, kayoni; kepha abanjalo bayakuba nosizi enyameni; kepha mina benginiphephisa. Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe njengabangenabo, nabakhalayo babe njengabangakhaliyo, nabathokozayo babe njengabangathokoziyo, nabathengayo babe njengabangenanto, nabasebenzisa leli zwe babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyadlula. Kepha ngifuna ukuba ningabi nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi. Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe, wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe. Ngisho lokhu ukuba kube lusizo kinina; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazameki. Kepha uma umuntu ethi wenza okungafanele ngakuyo indodakazi yakhe, uma isikhulile ngeminyaka, akenze akubonayo, uma kumelwe ukuba kwenziwe kanjalo; akoni; mabaganane. Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle. Kanjalo nowendisa indodakazi yakhe, wenza kahle; kepha ongayendisiyo wenza kahle kakhulu. Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube seNkosini. Kepha unenhlanhla ngokubona kwami, uma ehlala njengalokhu enjalo; ngithi nami nginoMoya kaNkulunkulu.
1 kwabaseKorinte 7:1-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Mayelana nezinto enaloba ngazo kimi, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane. Nokho ngenxa yobufebe, yilowo nalowo makabe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda. Indoda mayimnike okumfanele umkayo, kanjalo nomfazi endodeni. Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, yindoda yakhe; kanjalo nendoda ayinagunya kowakhe umzimba, ngumfazi kodwa. Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu. Kodwa lokhu ngikutsho ngemvume, kayisikho ngomlayo. Ngokuba ngiyathanda ukuba bonke abantu babe njengami; Kodwa yilowo nalowo unesiphiwo sakhe esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje. Ngakho ngithi kwabangashadile nakubafelokazi: Kuhle kubo, uma behlala njengami. Kepha uma bengenakuzibamba, mabashade, ngokuba kuhle ukuganwa kunokushiswa. Labashadile ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi makangahlukani nendoda; Kepha uma ehlukana naye, akahlale engaganile, noma abuyisane nendoda yakhe, nendoda ingamlahli umkayo. Kepha kwabanye ngithi mina, akusho iNkosi: Uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, makangamlahli. Nowesifazane onendoda engakholwayo, futhi uma ivuma ukuhlala naye, angayishiyi. Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngendoda; uma kungenjalo abantwana benu ngabe bangcolile; kodwa manje bangcwele. Kepha uma ongakholwayo ehlukana naye, makamuke; Umzalwane noma umzalwanekazi akaboshiwe kokunjalo, kepha uNkulunkulu usibizele ekuthuleni. Ngokuba wazini wena mfazi, ukuthi awuyikusindisa indoda yakho na? Wena ndoda, wazi ngani ukuthi uyakumsindisa umkakho na? Kodwa njengalokho uNkulunkulu emabele yilowo nalowo, njengalokho iNkosi imbizile yilowo nalowo, makahambe kanjalo. ngiyala kanjalo emabandleni onke. Ukhona yini obizwe esokile? makangabi ngongasoki. Ukhona yini obizwe engasokile na? makangasoki. Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kodwa ukugcina imiyalo kaNkulunkulu. Akube yilowo nalowo ahlale ekubizweni abizwe ekukho. Ubizwe uyisigqila na? ungakhathazeki, kepha uma ungakhululwa, kusebenzise kakhulu. Ngokuba obiziweyo yiNkosi eyisigqila, ungokhululekile weNkosi; Nithengwa ngenani; ningabi yizigqila zabantu. Bazalwane, yilowo nalowo makahlale kuNkulunkulu kulokho abizwe ekukho. Kepha maqondana nezintombi anginawo umyalo weNkosi, kepha mina ngikhipha umbono wami njengomuntu ohawukelwe yiNkosi ukuba athembeke. Ngakho ngithi kuhle lokhu ngenxa yokucindezeleka okukhona, ngithi kuhle kumuntu ukuba abe njalo. Uboshelwe emfazini na? ningafuni ukuthukululwa. Ukhululiwe emfazini na? ungamfuni umfazi. Kepha uma uganwa, akonanga; futhi uma intombi igana, ayoni. Nokho abanjalo bayakuba nenkathazo enyameni, kepha mina ngiyaniyeka. Kodwa ngitsho lokhu, bazalwane, ukuthi isikhathi sifitshane; Labakhalayo babe njengabangakhaliyo; nabathokozayo, babe njengabangathokozi; nabathengayo, babe njengabangenalutho; nabasebenzisa leli zwe, babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyedlula. Kodwa ngithanda ukuthi lingabi lakukhathazeka. Ongashadile ukhathalela okweNkosi, ukuthi angayithokozisa kanjani iNkosi; Kepha oshadile ukhathalela okwezwe, ukuthi angamthokozisa kanjani umkakhe. Kukhona umehluko phakathi komfazi nentombi. Owendileyo ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; Lalokhu ngikutsho kube yinzuzo yenu; kungeyisikho ukuthi nginiphosele umjibila, kodwa ngokufaneleyo, lokukhonza iNkosi ngaphandle kokuthikamezeka. Kepha uma umuntu ethi uziphatha ngokungafanele entombini yakhe, uma isikhulile, futhi kudingeke ukuba kube njalo, makenze akuthandayo, akoni; Nokho omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, enamandla phezu kwentando yakhe, esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uyakugcina intombi yakhe, wenza kahle. Ngakho-ke owendisayo wenza kahle; kodwa ongendisiyo wenza okungcono kakhulu. Umfazi uboshiwe ngomthetho ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile ukuba agane nendoda ayithandayo; eNkosini kuphela. Kodwa uthokoza kakhudlwana uma ehlala kanjalo ngokokubona kwami, futhi ngicabanga ukuthi nami nginoMoya kaNkulunkulu.
1 kwabaseKorinte 7:1-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Manje, maqondana nalokho enangilobela ngakho: kuhle ukuba indoda ingamthinti owesifazane. Kepha ngenxa yobufebe, akube yileyo naleyo ndoda ibe nomfazi, kanjalo nowesifazane abe neyakhe indoda. Indoda mayimenelise umfazi ngokocansi, kanjalo nomfazi enze kanjalo endodeni. Umfazi kanamandla phezu komzimba wakhe, kodwa yindoda enawo, kanjalo nendoda kayinamandla phezu komzimba wayo, kodwa ngumfazi onawo. Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhashana ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu. Kepha lokhu ngikusho ngokuvunyelwa yini, anginishayeli umthetho. Ngifisa ukuba abantu bonke babe njengami, kodwa yilowo nalowo muntu unesiphiwo sakhe esivela kuNkulunkulu, omunye uphiwe lesi, omunye uphiwe lesiya. Kepha kulabo abangaganiwe nakubafelokazi ngithi bekungaba kuhle ukuba bahlale benjengami. Uma bengakwazi ukuzithiba, mabagane, ngokuba kuhle ukugana kunokusha yinkanuko. Kepha kwabaganiweyo ngiyabayala, kodwa kungemina, kuyiNkosi, umfazi makangahlukani nendoda yakhe. Kepha uma ehlukene nayo, makahlale engaganile, noma abuyisane nendoda yakhe. Nendoda mayingahlukani nomfazi wayo. Manje-ke kwabanye ngithi, kungasho yona iNkosi ukuthi, uma umzalwane enomfazi ongakholwa, yena evuma ukuhlala naye, makangamlahli. Kanjalo nomfazi, uma enendoda engakholwa, yona ivuma ukuhlala naye, makangayishiyi indoda. Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngenxa yomfazi okholwayo, nomfazi ongakholwa ungcwelisiwe ngenxa yendoda, kungenjalo izingane zenu zingcolile, kodwa kalokhu zingcwele. Kepha uma ongakholwa ehlukana nomkakhe, makahlukane naye. Umzalwane noma umzalwanekazi ukhululekile kulokho, kodwa uNkulunkulu unibizile ukuba nibe nokuthula. Ngokuba wena wesifazane, wazi ngani ukuthi ungeyisindise indoda yakho na? Nawe ndoda, wazi ngani ukuthi ungemsindise umkakho na? Kunye nje kuphela, ukuba yilowo nalowo ahambe njengalokhu iNkosi imabele, kube yilowo nalowo njengalokhu uNkulunkulu embizile. Ngiwayala kanjalo onke amabandla. Ukhona yini obizwe esesokile na? Makangabi njengongasokile. Ukhona yini obizwe engasokile na? Makangasoki. Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, okubalulekile ngukugcina imiyalo kaNkulunkulu. Akube yilowo nalowo ahlale obizweni abizelwe kulo. Ngabe ubizwe uyisigqila na? Ungakhathazeki ngalokho, kodwa uma kwenzeka ukuba ukhululwe, sebenzisa lelo thuba. Ngokuba lowo owabizelwa eNkosini eyisigqila, usengokhululekile weNkosi, ngokunjalo nalowo owabizwa engokhululekile, uyisigqila sikaKhristu. Nina nathengwa ngenani elikhulu: ningabi yizigqila zabantu. Bazalwane, akube yilowo nalowo ahlale noNkulunkulu kulokhu abizwe ekukho. Kepha maqondana nezintombi, anginawo umyalo weNkosi, kodwa ngibeka uvo lwami njengothembekileyo nowahawukelwa yiNkosi. Ngakho-ke ngithi ngenxa yenkathazo ekhona, kuhle ukuba indoda ihlale injengalokhu injalo. Ngabe uboshelwe kumkakho na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumkakho na? Ungafuni omunye umfazi. Kepha uma uganwa, awenzi sono, nentombi uma igana ayoni, kodwa abanjalo bayakuba nosizi enyameni, kepha mina ngiyaniphephisa. Bazalwane, ngithi isikhathi sesisifushane; kusukela manje abaganiweyo mabafane nabangaganiwe, nabakhalayo mabafane nabangakhaliyo, abathokozayo mababe njengabangathokozi, abathengayo mababe njengabangenalutho, nabasebenzisa leli lizwe mababe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli lizwe siyadlula. Kepha ngifuna ukuba ningakhathazeki. Ongaganiwe ukhuthalela okweNkosi, ukuthi angayithokozisa kanjani iNkosi. Kepha oganiweyo ukhuthalela okwezwe ukuba angamthokozisa kanjani umkakhe, unemicabango eyahlukene. Nongaganile, oyintombi, ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni. Kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuthi angayithokozisa kanjani indoda yakhe. Ngikhuluma lokhu ukuze nisizakale, angiqondile ukunicindezela; kodwa ukuba nihambe ngokufanele, nibambelele eNkosini, ningaphazanyiswa yilutho. Kepha uma umuntu ecabanga ukuthi wenza okungafanele entombini eyingoduso yakhe, uma isikhulile, makenze akubonayo, mabaganane uma kufanele ukuba kwenziwe kanjalo; akoni ngalokho. Kepha omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa yilutho, futhi eyibusa imizwa yakhe, makenze akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakuyiyeka ingoduso yakhe iyintombi, wenza kahle. Ngakho-ke oganwa yintombi eyingoduso yakhe, wenza kahle, kodwa ongaganwa yiyo wenza kahle kakhulu. Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isaphila, kodwa uma isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokuthanda kwakhe, kuphela ukuba lokho kube seNkosini. Kepha ubusisekile kakhulu uma ehlala enjalo; lowo-ke ngumbono wami, futhi ngicabanga ukuthi ngiholwa nguMoya kaNkulunkulu.
1 kwabaseKorinte 7:1-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Mayelana nezinto enaloba ngazo kimi, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane. Nokho ngenxa yobufebe, yilowo nalowo makabe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda. Indoda mayimnike okumfanele umkayo, kanjalo nomfazi endodeni. Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, yindoda yakhe; kanjalo nendoda ayinagunya kowakhe umzimba, ngumfazi kodwa. Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu. Kodwa lokhu ngikutsho ngemvume, kayisikho ngomlayo. Ngokuba ngiyathanda ukuba bonke abantu babe njengami; Kodwa yilowo nalowo unesiphiwo sakhe esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje. Ngakho ngithi kwabangashadile nakubafelokazi: Kuhle kubo, uma behlala njengami. Kepha uma bengenakuzibamba, mabashade, ngokuba kuhle ukuganwa kunokushiswa. Labashadile ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi makangahlukani nendoda; Kepha uma ehlukana naye, akahlale engaganile, noma abuyisane nendoda yakhe, nendoda ingamlahli umkayo. Kepha kwabanye ngithi mina, akusho iNkosi: Uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, makangamlahli. Nowesifazane onendoda engakholwayo, futhi uma ivuma ukuhlala naye, angayishiyi. Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngendoda; uma kungenjalo abantwana benu ngabe bangcolile; kodwa manje bangcwele. Kepha uma ongakholwayo ehlukana naye, makamuke; Umzalwane noma umzalwanekazi akaboshiwe kokunjalo, kepha uNkulunkulu usibizele ekuthuleni. Ngokuba wazini wena mfazi, ukuthi awuyikusindisa indoda yakho na? Wena ndoda, wazi ngani ukuthi uyakumsindisa umkakho na? Kodwa njengalokho uNkulunkulu emabele yilowo nalowo, njengalokho iNkosi imbizile yilowo nalowo, makahambe kanjalo. Ngiyala kanjalo emabandleni onke. Ukhona yini obizwe esokile? makangabi ngongasoki. Ukhona yini obizwe engasokile na? makangasoki. Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kodwa ukugcina imiyalo kaNkulunkulu. Akube yilowo nalowo ahlale ekubizweni abizwe ekukho. Ubizwe uyisigqila na? ungakhathazeki, kepha uma ungakhululwa, kusebenzise kakhulu. Ngokuba obiziweyo yiNkosi eyisigqila, ungokhululekile weNkosi; Nithengwa ngenani; ningabi yizigqila zabantu. Bazalwane, yilowo nalowo makahlale kuNkulunkulu kulokho abizwe ekukho. Kepha maqondana nezintombi anginawo umyalo weNkosi, kepha mina ngikhipha umbono wami njengomuntu ohawukelwe yiNkosi ukuba athembeke. Ngakho ngithi kuhle lokhu ngenxa yokucindezeleka okukhona, ngithi kuhle kumuntu ukuba abe njalo. Uboshelwe emfazini na? ningafuni ukuthukululwa. Ukhululiwe emfazini na? ungamfuni umfazi. Kepha uma uganwa, akonanga; futhi uma intombi igana, ayoni. Nokho abanjalo bayakuba nenkathazo enyameni, kepha mina ngiyaniyeka. Kodwa ngitsho lokhu, bazalwane, ukuthi isikhathi sifitshane; Labakhalayo babe njengabangakhaliyo; nabathokozayo, babe njengabangathokozi; nabathengayo, babe njengabangenalutho; nabasebenzisa leli zwe, babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyedlula. Kodwa ngithanda ukuthi lingabi lakukhathazeka. Ongashadile ukhathalela okweNkosi, ukuthi angayithokozisa kanjani iNkosi; Kepha oshadile ukhathalela okwezwe, ukuthi angamthokozisa kanjani umkakhe. Kukhona umehluko phakathi komfazi nentombi. Owendileyo ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; Lalokhu ngikutsho kube yinzuzo yenu; kungeyisikho ukuthi nginiphosele umjibila, kodwa ngokufaneleyo, lokukhonza iNkosi ngaphandle kokuthikamezeka. Kepha uma umuntu ethi uziphatha ngokungafanele entombini yakhe, uma isikhulile, futhi kudingeke ukuba kube njalo, makenze akuthandayo, akoni; Nokho omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, enamandla phezu kwentando yakhe, esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uyakugcina intombi yakhe, wenza kahle. Ngakho-ke owendisayo wenza kahle; kodwa ongendisiyo wenza okungcono kakhulu. Umfazi uboshiwe ngomthetho ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile ukuba agane nendoda ayithandayo; eNkosini kuphela. Kodwa uthokoza kakhudlwana uma ehlala kanjalo ngokokubona kwami, futhi ngicabanga ukuthi nami nginoMoya kaNkulunkulu.