1 kwabaseKorinte 2:9-16
1 kwabaseKorinte 2:9-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha kunjengokulotshiweyo ukuthi: “Iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungangenanga enhliziyweni yomuntu lokho uNkulunkulu akulungisela abamthandayo. Kodwa uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya wakhe; Ngokuba ngumuphi umuntu owazi okomuntu, kuphela umoya womuntu okuye na? ngokunjalo nezinto zikaNkulunkulu akakho ozaziyo, kuphela uMoya kaNkulunkulu. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu; ukuze sazi izinto esiphiwe ngesihle nguNkulunkulu. Esizikhulumayo futhi, kungengamazwi esiwafundiswa ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa angawafundiswa nguMoya oNgcwele; siqhathanisa izinto ezingokomoya nezingokomoya. Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; Kepha ongowomoya uhlola zonke izinto, kepha yena akahlolwa ngumuntu. Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.
1 kwabaseKorinte 2:9-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga nendlebe engakuzwanga, okungaphumanga enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu wakulungisela labo abamthandayo.” Ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya; phela uMoya ukuhlolisisa konke, ngisho nokujulileyo kukaNkulunkulu. Ngokuba ngubani kubantu okwaziyo okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Kanjalo-ke nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu okwaziyo. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa, esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu, kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya. Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya. Kepha umuntu onoMoya kaNkulunkulu uphenyisisa konke, kanti Yena akukho muntu ongamphenyisisa. Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi, ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKhristu.
1 kwabaseKorinte 2:9-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.” Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu. Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa, esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya. Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya. Kepha ongowomoya ubonisisa konke, kodwa yena kabonisiswa muntu. Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.
1 kwabaseKorinte 2:9-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)