1 kwabaseKorinte 2

2
1 kwabaseKorinte 2
1Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezela kini ubufakazi bukaNkulunkulu.
2Ngokuba nganquma ukungazi lutho phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, naye obethelwe esiphambanweni.
3Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu.
4nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya namandla;
5ukuze ukholo lwenu lungabi ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa lube semandleni kaNkulunkulu.
6Kepha sikhuluma ukuhlakanipha phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha okungesikho okwaleli zwe nokwababusi balesi sikhathi ababhubhayo;
7Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni, ukuhlakanipha okufihliweyo, uNkulunkulu akumisa kungakabi khona umhlaba kube yinkazimulo yethu;
8Okungekho noyedwa wababusi balumhlaba okwaziyo, ngoba uba babekwazi, ngabe kabayibethela iNkosi yenkazimulo esiphambanweni.
9Kepha kunjengokulotshiweyo ukuthi: “Iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungangenanga enhliziyweni yomuntu lokho uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.
10Kodwa uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya wakhe;
11Ngokuba ngumuphi umuntu owazi okomuntu, kuphela umoya womuntu okuye na? ngokunjalo nezinto zikaNkulunkulu akakho ozaziyo, kuphela uMoya kaNkulunkulu.
12Kepha thina asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu; ukuze sazi izinto esiphiwe ngesihle nguNkulunkulu.
13Esizikhulumayo futhi, kungengamazwi esiwafundiswa ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa angawafundiswa nguMoya oNgcwele; siqhathanisa izinto ezingokomoya nezingokomoya.
14Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye;
15Kepha ongowomoya uhlola zonke izinto, kepha yena akahlolwa ngumuntu.
16Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 2: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo