1 kwabaseKorinte 2:9-16

1 kwabaseKorinte 2:9-16 CZB24

Kepha kunjengokulotshiweyo ukuthi: “Iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungangenanga enhliziyweni yomuntu lokho uNkulunkulu akulungisela abamthandayo. Kodwa uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya wakhe; Ngokuba ngumuphi umuntu owazi okomuntu, kuphela umoya womuntu okuye na? ngokunjalo nezinto zikaNkulunkulu akakho ozaziyo, kuphela uMoya kaNkulunkulu. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu; ukuze sazi izinto esiphiwe ngesihle nguNkulunkulu. Esizikhulumayo futhi, kungengamazwi esiwafundiswa ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa angawafundiswa nguMoya oNgcwele; siqhathanisa izinto ezingokomoya nezingokomoya. Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; Kepha ongowomoya uhlola zonke izinto, kepha yena akahlolwa ngumuntu. Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.