1 kwabaseKorinte 11:7-12
1 kwabaseKorinte 11:7-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu, kepha owesifazane uludumo lwendoda. Ngokuba indoda ayiveli kowesifazane; kodwa umfazi endodeni. Nendoda ayidalelwanga owesifazane; kodwa owesifazana ngendoda. Ngakho-ke owesifazana ufanele ukuthi abe legunya ekhanda lakhe ngenxa yezingilosi. Nokho eNkosini kayilutho owesilisa ngaphandle kowesifazane, nomfazi ngaphandle kwendoda eNkosini. Ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kodwa zonke izinto zikaNkulunkulu.
1 kwabaseKorinte 11:7-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba indoda ngokweqiniso ayifanele ukwemboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu, kodwa owesifazane uwudumo lwendoda. Indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni. Ngokuba indoda ayidalwanga ngenxa yowesifazane, kepha owesifazane wadalwa ngenxa yendoda. Ngenxa yalokhu, owesifazane kufanele abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi. Nokho eNkosini, owesifazane akalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane, ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda izalwa ngowesifazane, kodwa konke kuvela kuNkulunkulu.
1 kwabaseKorinte 11:7-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu; kepha owesifazane uludumo lwendoda. Ngokuba indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni. Ngokuba indoda ayidalelwanga owesifazane, kodwa owesifazane wadalelwa indoda. Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi. Nokho eNkosini owesifazane kalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane, ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu.
1 kwabaseKorinte 11:7-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)