1 kwabaseKorinte 11

11
1 kwabaseKorinte 11
1Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.
2Kepha ngiyanidumisa, bazalwane, ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nigcina izimiso, njengalokho nganinika zona.
3Kepha ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; lenhloko kaKristu nguNkulunkulu.
4Yilowo nalowo owesilisa ekhuleka noma eprofetha ethwele ikhanda, uhlazisa ikhanda lakhe.
5Kodwa yilowo nalowo wesifazane okhuleka noma eprofetha ikhanda lakhe lingagutshuzelwe uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba lokho kufana nokuthi uphuciwe.
6Ngokuba uma owesifazane engagqokile, akagundwe;
7Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu, kepha owesifazane uludumo lwendoda.
8Ngokuba indoda ayiveli kowesifazane; kodwa umfazi endodeni.
9Nendoda ayidalelwanga owesifazane; kodwa owesifazana ngendoda.
10Ngakho-ke owesifazana ufanele ukuthi abe legunya ekhanda lakhe ngenxa yezingilosi.
11Nokho eNkosini kayilutho owesilisa ngaphandle kowesifazane, nomfazi ngaphandle kwendoda eNkosini.
12Ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kodwa zonke izinto zikaNkulunkulu.
13Ziboneleni nina ngokwenu; kuyafaneleka yini ukuba owesifazane akhuleke kuNkulunkulu engagubuzele na?
14Imvelo uqobo lwayo ayinifundisi yini ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kulihlazo kuyo na?
15Kepha uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye, ngokuba izinwele zakhe uzinikiwe zibe-yisimbozo.
16Kepha uma umuntu ebonakala ephika, asinawo umkhuba onjalo thina, namabandla kaNkulunkulu kawanawo.
17Kepha kulokhu enginitshela khona anginibongi ngokuba nibuthana kungekukho okuhle kepha kukho okubi kakhulu.
18Ngokuba okokuqala, nxa nibuthana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; futhi ngiyakukholwa ngokwengxenye.
19Ngoba kumele kube khona ukuhlukana phakathi kwenu, ukuze abathembekileyo babonakale phakathi kwenu.
20Ngakho nxa nibuthana endaweni eyodwa, lokhu akusikho ukudla isidlo seNkosi;
21Ngokuba ekudleni yilowo nalowo uphatha owakhe isidlo kuqala, omunye ulambile, omunye udakiwe.
22Yini? Aninazo yini izindlu zokudlela nokuphuzela na? Kumbe nidelela ibandla likaNkulunkulu, nijabhise abangenalutho na? Ngizothini kuwe? ngikudumise kulokhu na? angikubongi.
23Ngoba mina ngemukele eNkosini, lokho lami enganinika khona, ukuthi iNkosi uJesu ngalobobusuku eyanikelwa ngabo yathatha isinkwa;
24Esebongile, wasihlephula, wathi: “Thabathani, nidle, lokhu kungumzimba wami owahleshelwa nina;
25Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami;
26Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa, niphuza lesisitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.
27Ngakho-ke odla lesi sinkwa, anathe lesisitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi.
28Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle leso sinkwa, aphuze lesisitsha.
29Ngokuba odlayo anathe ngokungafanele, uzidlela aziphuzele ukulahlwa, engawahlukanisi umzimba weNkosi.
30Ngenxa yalokhu baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningi balele.
31Ngokuba uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa.
32Kodwa nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye lelizwe.
33Ngakho-ke, bazalwane bami, nxa nibuthana ukuba nidle, lindanani.
34Uma umuntu elambile, akadle ekhaya; ukuze lingabuthani ekulahlweni. Okuseleyo ngizakulungisa nxa ngifika.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 11: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume