Ngokuba indoda ngokweqiniso ayifanele ukwemboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu, kodwa owesifazane uwudumo lwendoda. Indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni. Ngokuba indoda ayidalwanga ngenxa yowesifazane, kepha owesifazane wadalwa ngenxa yendoda. Ngenxa yalokhu, owesifazane kufanele abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi. Nokho eNkosini, owesifazane akalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane, ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda izalwa ngowesifazane, kodwa konke kuvela kuNkulunkulu.
Funda 1 KwabaseKhorinte 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KwabaseKhorinte 11:7-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo