1 kwabaseKorinte 11:7-12

1 kwabaseKorinte 11:7-12 ZUL59

Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu; kepha owesifazane uludumo lwendoda. Ngokuba indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni. Ngokuba indoda ayidalelwanga owesifazane, kodwa owesifazane wadalelwa indoda. Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi. Nokho eNkosini owesifazane kalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane, ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu.