KwabaseRoma 8:18-25

KwabaseRoma 8:18-25 CZB24

Ngokuba ngithi izinhlupheko zalesi sikhathi azinakulinganiswa nenkazimulo ezakwambulwa kithi. Ngokuba ukulangatha okudaliweyo kulindele ukuvezwa kwabantwana bakaNkulunkulu. Ngoba okudaliweyo kwabekwa ngaphansi kobuze, kungeyisikho ngokuthanda, kodwa ngaye owakuthobisayo ethembeni; Ngokuba nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye futhi kunemihelo kuze kube manje. Akusikho lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya, nathi ngokwethu siyabubula phakathi kwethu, silindele ukuma kwabantwana, ukukhululwa kwemizimba yethu. Ngokuba sisindiswa ngethemba, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.