KwabaseRoma 8:18-25

KwabaseRoma 8:18-25 ZUL20

Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo ezayo, eyakwembulwa kithina; ngokuba okudaliweyo kulindele ngokulangazelela ukwembulwa kwabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba indalo yabekwa phansi kobuze, kungengentando yayo, kodwa ngentando yowayibekayo, ngethemba lokuthi, nayo indalo uqobo iyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, ikhululelwe enkazimulweni yabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba siyazi ukuthi yonke indalo iyabubula kanyekanye, inezinseka ezinzima kuze kube manje. Akusikho nje lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lokuqala lukaMoya, siyabubula phakathi kwethu; silindele ngethemba elikhulu isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu. Ngokuba ngethemba sisindisiwe, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba, ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kepha uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo