KwabaseRoma 7:1-4

KwabaseRoma 7:1-4 CZB24

Anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esaphila na? Ngokuba owesifazane onendoda uboshelwe ngomthetho endodeni yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda. Ngakho-ke uma umyeni wakhe esekhona, uyakuthiwa isifebe, uma eba ngowenye indoda; ukuze angabi sisiphingi, noma engendela kwenye indoda. Ngakho-ke, bazalwane bami, nani senabulawa umthetho ngomzimba kaKristu; ukuze libe ngomunye, yena owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo