KwabaseRoma 7:1-4

KwabaseRoma 7:1-4 ZUL20

Kanti anazi yini bazalwane, ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngaso sonke isikhathi esaphila na? Ngokuba owesifazane oganile ubophelekile ngokomthetho endodeni yakhe, inqobo nje uma isaphila; kodwa uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda. Ngalokho-ke uma indoda isaphila, yena bese eba ngowenye indoda, uyakubizwa ngesindindwa, kodwa uma indoda isifile, ukhululekile emthethweni, akasiso isindindwa, uma eba ngowenye indoda. Kanjalo nani bazalwane bami, nafa maqondana nomthetho ngomzimba kaKhristu, ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithele izithelo kuNkulunkulu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo