KwabaseRoma 6:1-14

KwabaseRoma 6:1-14 CZB24

Pho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa? Makube njalo. Thina esifile esonweni singaphinde siphile kanjani kuso na? Anazi yini ukuthi thina sonke esabhapathizelwa kuKristu uJesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na? Ngakho sembelwa kanye naye ngokubhapathizelwa ekufeni, ukuze njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngoba uba sihlanyelwe kanye naye ekufananeni kokufa kwakhe, sizakuba njalo ekufananeni kokuvuka kwakhe; sisazi lokhu, ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye laye, ukuze umzimba wesono ubhujiswe, ukuze singabe sesikhonza isono; Ngoba ofileyo ukhululiwe esonweni. Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye; sisazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo kasafi; ukufa akusabusi phezu kwakhe. Ngokuba ukufa awafa ngakho, wakufa kanye nje ngesono; Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu. Ngakho-ke makungabusi isono emizimbeni yenu efayo, nize nilalele izinkanuko zayo. Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga. Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu, ngokuba aniphansi komthetho, kodwa niphansi komusa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 6:1-14