KwabaseRoma 6:1-14

KwabaseRoma 6:1-14 ZUL20

Sizakuthini na? Siqhubeke sihlale esonweni ukuze kuvame umusa na? Phinde, neze. Thina esafa maqondana nesono singabuye siphile kanjani kuso na? Kanti anazi yini ukuthi sonke esabhabhidiselwa kuKhristu uJesu, sabhabhadiselwa kukho ukufa kwakhe na? Ngakho sembelwa naye ngokubhabhadiselwa kukho ukufa ukuba njengalokhu uKhristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngokuba uma sihlanganiswe naye ngokufa okufanayo, siyakuba njalo nangokuvuka. Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono, ngokuba ofileyo ukhululiwe. Kodwa uma safa kanye noKhristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila kanye naye, sazi ukuthi uKhristu esevusiwe kwabafileyo, akasayukufa, ukufa akusabusi phezu kwakhe. Ngokuba ukufa afa ngakho, wakufa kwaba kanye kuphela ngenxa yesono; kodwa ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu. Kanjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKhristu uJesu. Ngakho-ke isono masingabusi emzimbeni wenu ofayo, nize nithobele izinkanuko zawo, futhi ninganikeli ngezitho zenu esonweni, ukuba zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo, abavukile kwabafileyo; nezitho zenu nizinikeleni kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga, ngokuba isono asiyukubusa phezu kwenu, phela anikho phansi komthetho, kodwa niphansi komusa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 6:1-14