KwabaseRoma 4:1-12

KwabaseRoma 4:1-12 CZB24

Ngakho siyakuthi u-Abrahama ubaba wethu ufumeneni ngokwenyama na? Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa hhayi phambi kukaNkulunkulu. Ngoba uthini umbhalo? U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga. Kepha kosebenzayo umvuzo awubalwa ngokomusa, kodwa ngokwesikweletu. Kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa kuye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalwa ukuthi kungukulunga. Njengoba laye uDavida ekhuluma ngokubusiswa komuntu, uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi; esithi: Babusisiwe abathethelelwe iziphambeko zabo, lalabo izono zabo zisitshekelwe. Ubusisiwe umuntu iNkosi engayikubalela isono. Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuphezu kwabasokileyo noma nakwabangasokile na? ngoba sithi: Ukukholwa kwabalelwa kuAbrahama ukuthi kungukulunga. Pho kwabalwa njani? Lapho esokile, noma ekungasokini? Hhayi ekusokeni, kodwa ekungasokini. Wasesemukela isibonakaliso sokusoka, uphawu lokulunga kokukholwa ayelakho engakasoki, ukuze abe nguyise wabo bonke abakholwayo lanxa bengasokile; ukuze ukulunga kubalelwe nakubo; noyise wokusoka kwabangasibo abokusoka kuphela, kodwa abahamba futhi ezinyathelweni zokholo lukababa wethu u-Abrahama ayenalo engakasoki.