Kodwa khathesi-ke sekubonakalisiwe ukulunga kukaNkulunkulu ngaphandle komlayo, kufakazelwa ngumlayo labaprofethi; Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko; Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; belungisiswa ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu; ammisileyo uNkulunkulu, abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngenxa yokuthethelelwa kwezono ezenziwe ngaphambili, ngokubekezela kukaNkulunkulu; ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe kulesi sikhathi, ukuze abe ngolungileyo, amlungisise okholwa nguJesu. Kuphi-ke ukuzibonga na? Ayifakiwe. Ngamuphi umthetho? wemisebenzi? Hatshi, kodwa ngomthetho wokukholwa. Ngakho siphetha ngokuthi umuntu ulungisiswa ngokholo ngaphandle kwemisebenzi yomthetho.
Funda KwabaseRoma 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 3:21-28
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo