KwabaseRoma 15:1-7

KwabaseRoma 15:1-7 CZB24

Ngakho-ke thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka bababuthakathaka, singazithokozisi thina. Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane kube kuhle, akheke. Ngokuba noKristu akazithokozisanga yena; kodwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami. Ngoba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela langenduduzo yemibhalo sibe lethemba. Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nomqondo munye omunye komunye ngokukaKristu Jesu; ukuze ngamlomo munye nikhazimulise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu. Ngakho yamukelanani, njengalokhu uKristu wasesamukela, kube yinkazimulo kaNkulunkulu.