Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka balabo abangenamandla, singazithokozisi thina. Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane ngokumenzela okuhle, ukuze amakhe; ngokuba noKhristu akazithokozisanga Yena, kodwa njengokulotshiwe ukuthi: “Inhlamba yabakuthukayo yehlela phezu kwami.” Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba. Sengathi uNkulunkulu wokubekezela nokugqugquzeleka anganipha nibe nakuqonda kunye phakathi kwenu maqondana nokukaKhristu uJesu, ukuze nganhliziyonye nangamlomo munye nidumise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu. Ngalokho-ke yamukelanani, njengalokhu noKhristu wanamukela, kube ludumo kuNkulunkulu.
Funda KwabaseRoma 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 15:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo