KwabaseRoma 10:13-17

KwabaseRoma 10:13-17 CZB24

Ngokuba yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa. Pho-ke bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga kuye na? bayakukholwa kanjani kuye abangezwanga ngaye na? bayakuzwa kanjani kungekho mshumayeli na? Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle! Kodwa kabalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani okholwe umbiko wethu na? Ngakho ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaNkulunkulu.