KwabaseRoma 10:13-17
KwabaseRoma 10:13-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa. Pho-ke bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga kuye na? bayakukholwa kanjani kuye abangezwanga ngaye na? bayakuzwa kanjani kungekho mshumayeli na? Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle! Kodwa kabalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani okholwe umbiko wethu na? Ngakho ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaNkulunkulu.
KwabaseRoma 10:13-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ngokuba: “Bonke abakhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.” Kepha bayakukhuleka kanjani kulowo abangakholwa nguye na? Bayakukholwa kanjani kuye bengezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani kungekho oshumayelayo na? Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Yeka, zinhle kangakanani izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.” Kepha abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Izaya, uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngumbiko wethu na?” Ngakho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKhristu.
KwabaseRoma 10:13-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.” Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na? Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.” Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?” Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.
KwabaseRoma 10:13-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)