Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nomkhuleko wami kuNkulunkulu ngo-Israyeli kuwukuba basindiswe. Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi. Ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo ukulunga, abazithobanga ekulungeni kukaNkulunkulu. Ngokuba uKristu uyisiphetho somthetho kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. Ngokuba uMose ubhala ukulunga okungokomthetho, ukuthi umuntu ozenzayo lezo zinto uyakuphila ngazo. Kepha ukulunga okungokukholwa kusho kanje: “Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani oyakwenyukela ezulwini na? (okungukuthi, ukwehlisa uKristu ezulwini:) Kumbe: Ngubani ozakwehlela ekujuleni? (okungukuthi, ukuvusa uKristu kwabafileyo.) Kodwa lithini? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi, izwi lokukholwa, esilishumayelayo; Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa. Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga; futhi ngomlomo kuvuma kube yinsindiso. Ngoba umbhalo uthi: Wonke okholwa kuye kayikujabha. Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo. Ngokuba yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa. Pho-ke bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga kuye na? bayakukholwa kanjani kuye abangezwanga ngaye na? bayakuzwa kanjani kungekho mshumayeli na? Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle!
Funda KwabaseRoma 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 10:1-15
16 Days
Considered one of the most theologically rich books of the New Testament, Romans is a treatise on the theology of salvation. Beginning with the hopelessness of our sin-filled state, Paul shows how God provides righteousness to His people through Jesus Christ. In Romans, we are reminded that justification does not come from status or moral achievement but from belief in the substitutionary death and glorious resurrection of Jesus Christ.
21 Days
Oftentimes we struggle to share the gospel with our friends. Either we are overcome with fear or don't know what to share. We all need a burden to reach our lost friends for Christ. This is a 21-day Bible reading plan that helps us meditate specifically on passages related to evangelism and is accompanied by a short prayer for each day for our friends.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo