KwabaseRoma 10:1-15

KwabaseRoma 10:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe. Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda; ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo, abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu. Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho. Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKristu, nokuba: ‘Ngubani ozakwehlela kwalasha na?’ ” okungukuthi ukukhuphula uKristu kwabafileyo. Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo. Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa. Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.” Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye, ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.” Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na? Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi

KwabaseRoma 10:1-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nomkhuleko wami kuNkulunkulu ngo-Israyeli kuwukuba basindiswe. Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi. Ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo ukulunga, abazithobanga ekulungeni kukaNkulunkulu. Ngokuba uKristu uyisiphetho somthetho kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. Ngokuba uMose ubhala ukulunga okungokomthetho, ukuthi umuntu ozenzayo lezo zinto uyakuphila ngazo. Kepha ukulunga okungokukholwa kusho kanje: “Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani oyakwenyukela ezulwini na? (okungukuthi, ukwehlisa uKristu ezulwini:) Kumbe: Ngubani ozakwehlela ekujuleni? (okungukuthi, ukuvusa uKristu kwabafileyo.) Kodwa lithini? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi, izwi lokukholwa, esilishumayelayo; Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa. Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga; futhi ngomlomo kuvuma kube yinsindiso. Ngoba umbhalo uthi: Wonke okholwa kuye kayikujabha. Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo. Ngokuba yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa. Pho-ke bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga kuye na? bayakukholwa kanjani kuye abangezwanga ngaye na? bayakuzwa kanjani kungekho mshumayeli na? Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle!

KwabaseRoma 10:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngukuba abakwa-Israyeli basindiswe. Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banayo intshisekelo kaNkulunkulu, kodwa engasuki ekwazini, lokhu bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, bafuna ukumisa okwabo ukulunga; abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu. Ngokuba isiphetho somthetho nguKhristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. UMose waloba mayelana nokulunga okuza ngomthetho, ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni, uyakuphila ngakho. Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho uthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKhristu, noma uthi: ‘Ngubani ozakwehlela endaweni yabafileyo na?’ ” okungukuthi ukukhuphula uKhristu kwabafileyo. Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo. Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa. Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, avume ngomlomo wakhe kube ngukusindiswa. Umbhalo uthi: “Bonke abakholwa kuye abayukujabhiswa.” Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGriki, lokhu Yena uyiNkosi yabo bonke, futhi ubacebele bonke abakhuleka kuye, ngokuba: “Bonke abakhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.” Kepha bayakukhuleka kanjani kulowo abangakholwa nguye na? Bayakukholwa kanjani kuye bengezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani kungekho oshumayelayo na? Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi

KwabaseRoma 10:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)