KwabaseRoma 1:19-23

KwabaseRoma 1:19-23 CZB24

Ngokuba lokho okwaziwayo ngoNkulunkulu kusobala kubo; ngoba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo. Ngokuba okungabonwayo kwakhe, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, kuqondakala ngezenzo zakhe; ukuze bangabi lezaba; Ngokuba sebemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga njengoNkulunkulu, kababonganga; kodwa baba yize emicabangweni yabo, nenhliziyo yabo ewubuwula yaba mnyama. Bezishaya abahlakaniphileyo baba yiziwula; Futhi baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo yaba ngumfanekiso womuntu obhubhayo, nezinyoni, nezilwane ezinezinyawo ezine, nezilwanyana ezinwabuzelayo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 1:19-23