KwabaseRoma 1:19-23
KwabaseRoma 1:19-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba lokho okwaziwayo ngoNkulunkulu kusobala kubo; ngoba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo. Ngokuba okungabonwayo kwakhe, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, kuqondakala ngezenzo zakhe; ukuze bangabi lezaba; Ngokuba sebemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga njengoNkulunkulu, kababonganga; kodwa baba yize emicabangweni yabo, nenhliziyo yabo ewubuwula yaba mnyama. Bezishaya abahlakaniphileyo baba yiziwula; Futhi baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo yaba ngumfanekiso womuntu obhubhayo, nezinyoni, nezilwane ezinezinyawo ezine, nezilwanyana ezinwabuzelayo.
KwabaseRoma 1:19-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ngokuba lokho okwazeka ngokusobala ngoNkulunkulu kwambuliwe kwaba sobala kubo, ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kubo. Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela. Ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabaze bamdumisa noma bambonge njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekucabangeni kwabo, ingqondo yabo nenhliziyo yabo yafiphazwa. Bezitshela ukuthi bahlakaniphile, baba yiziwula, baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo ukuba ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo.
KwabaseRoma 1:19-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ngokuba lokho okwazekayo ngoNkulunkulu kusobala phakathi kwabo; ngokuba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo. Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela, ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama. Bezisho ukuthi bahlakaniphile baba yiziwula, nenkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo bayiguqula ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo.
KwabaseRoma 1:19-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)