Ngokuba ulaka lukaNkulunkulu luyabonakaliswa luvela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abaphatha iqiniso ngokungalungi; Ngokuba lokho okwaziwayo ngoNkulunkulu kusobala kubo; ngoba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo. Ngokuba okungabonwayo kwakhe, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, kuqondakala ngezenzo zakhe; ukuze bangabi lezaba; Ngokuba sebemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga njengoNkulunkulu, kababonganga; kodwa baba yize emicabangweni yabo, nenhliziyo yabo ewubuwula yaba mnyama. Bezishaya abahlakaniphileyo baba yiziwula; Futhi baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo yaba ngumfanekiso womuntu obhubhayo, nezinyoni, nezilwane ezinezinyawo ezine, nezilwanyana ezinwabuzelayo. Ngakho-ke uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo ekungcoleni, bahlazisane imizimba yabo phakathi kwabo; abaguqule iqiniso likaNkulunkulu libe ngamanga, bakhuleka, bakhonza okudaliweyo kunoMdali obongekayo kuze kube phakade. Amen.
Funda KwabaseRoma 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 1:18-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo