KwabaseRoma 1:18-25

KwabaseRoma 1:18-25 ZUL20

Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambuliwe, ivela ezulwini, phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi kwabo; ngokuba lokho okwazeka ngokusobala ngoNkulunkulu kwambuliwe kwaba sobala kubo, ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kubo. Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela. Ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabaze bamdumisa noma bambonge njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekucabangeni kwabo, ingqondo yabo nenhliziyo yabo yafiphazwa. Bezitshela ukuthi bahlakaniphile, baba yiziwula, baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo ukuba ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo. Ngakho-ke uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo ukuba baqhubeke ekungcoleni, bathela ngehlazo imizimba yabo. Baguqula iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga, badumisa futhi bakhonza okudaliweyo kunoMdali odumisekayo kuze kube phakade. Amen.