IsAmbulo 3:1-6

IsAmbulo 3:1-6 CZB24

Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi: Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu, nezinkanyezi eziyisikhombisa; Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi unegama lokuthi uyaphila, kanti ufile. Qaphela, uqinise okuseleyo, obesezakufa; Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho. Unamagama ayingcosana naseSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami ngembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele. Onqobayo uyakwembathiswa izingubo ezimhlophe; futhi ngeke ngilesule igama lakhe encwadini yokuphila, kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.