ISambulo 3:1-6

ISambulo 3:1-6 ZUL20

“Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo onoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: ngiyayazi imisebenzi yakho nokuthi unegama lokuthi uyaphila kanti ufile. Linda, uqinise okuseleyo obesekuzakufa, ngokuba angiyifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami. Ngakho-ke khumbula ukuthi wemukela, wezwa kanjani, ukugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela; kawusoze walazi ihora engiyakufika ngalo kuwe. “ ‘Nokho kusekhona abantu abambalwa eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo. Bayakuhamba nami bembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele. Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, igama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, futhi ngiyakulivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.’