IsAmbulo 3:1-13

IsAmbulo 3:1-13 CZB24

Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi: Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu, nezinkanyezi eziyisikhombisa; Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi unegama lokuthi uyaphila, kanti ufile. Qaphela, uqinise okuseleyo, obesezakufa; Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho. Unamagama ayingcosana naseSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami ngembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele. Onqobayo uyakwembathiswa izingubo ezimhlophe; futhi ngeke ngilesule igama lakhe encwadini yokuphila, kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi; “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu; avale kungavuli muntu; Ngiyayazi imisebenzi yakho; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, okungekho muntu ongawuvala, ngokuba unamandla amancane, futhi uligcinile izwi lami, kawuliphikanga igama lami. Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile. Ngokuba uligcinile izwi lokubekezela kwami, nami ngiyakukulondoloza ehoreni lokulingwa eliyakufika phezu komhlaba wonke ukulinga abakhileyo emhlabeni. Bheka, ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho. Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.