ISambulo 3:1-13

ISambulo 3:1-13 ZUL20

“Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo onoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: ngiyayazi imisebenzi yakho nokuthi unegama lokuthi uyaphila kanti ufile. Linda, uqinise okuseleyo obesekuzakufa, ngokuba angiyifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami. Ngakho-ke khumbula ukuthi wemukela, wezwa kanjani, ukugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela; kawusoze walazi ihora engiyakufika ngalo kuwe. “ ‘Nokho kusekhona abantu abambalwa eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo. Bayakuhamba nami bembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele. Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, igama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, futhi ngiyakulivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.’ “Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novala kungavuli muntu, uthi: ngiyayazi imisebenzi yakho. Ngimise phambi kwakho umnyango ovuliweyo, okungekho muntu ongawuvala, ngokuba unamandla amancane, kanti waligcina izwi lami, futhi awuliphikanga igama lami. Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile. Ngokuba uligcinile izwi lami, wabekezela, nami ngizakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika emhlabeni wonke, ukulinga bonke abahlala kuwo. “ ‘Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabi bikho muntu okwephuca umqhele wakho. Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha. Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’