IsAmbulo 21:1-5

IsAmbulo 21:1-5 CZB24

Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile; ulwandle lwalungasekho. Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo. UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile. Wasesithi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Khangela, ngenza konke kube kutsha. Yathi kimi: Bhala, ngokuba lawa mazwi aqinisile, athembekile.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IsAmbulo 21:1-5

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo