ISambulo 21:1-5

ISambulo 21:1-5 ZUL20

Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ovunuliselwe umyeni wakhe. Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Ithabanakeli likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, Yena abe nguNkulunkulu wabo. Uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo. Ukufa akusayukuba khona; ukudabuka, ukukhala, nobuhlungu akusayukuba khona, ngokuba okokuqala kudlulile.” Ohleli esihlalweni sobukhosi wayesethi: “Manje ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, futhi aliqiniso.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne ISambulo 21:1-5

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo