Amahubo 72:1-7

Amahubo 72:1-7 CZB24

Ihubo likaSolomoni. Nika inkosi izahlulelo zakho, Nkulunkulu, nendodana yenkosi ukulunga kwakho. Uyakwahlulela abantu bakho ngobulungisa, nabampofu bakho ngokwahlulela; Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu, namagquma amancane ngobulungisa. Izakwahlulela abampofu babantu, isindise abantwana abampofu, ichoboze umcindezeli. Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane. Uyakwehla njengemvula otshanini obunqunyiwe, njengezihlambi ezinisela umhlaba. Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza; nokuchichima kokuthula uma nje inyanga.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Amahubo 72:1-7