AmaHubo 72:1-7

AmaHubo 72:1-7 ZUL59

Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho nendodana yenkosi ukulunga kwakho. Iyakwahlulela isizwe sakho ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo. Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu; kanjalo namagquma, ngokulunga. Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo. Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane. Iyakwehla njengemvula edlelweni, njengesihlambi esimatisa umhlaba. Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 72:1-7