AMahubo 72:1-7

AMahubo 72:1-7 ZUL20

Nkulunkulu, yipha inkosi ubulungiswa nenkosana ukulunga kwakho. Iyokwehlulela isizwe sakho ngeqiniso, nabampofu bakho, ngobulungiswa. Izintaba ziyakuletha impumelelo kubantu, namagquma, ukulunga. Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli. Bayakwesaba Wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane. Mayifane njengemvula otshanini, nanjengesihlambi simatisa umhlaba. Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabi bikho inyanga.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 72:1-7