Amahubo 68:11-19

Amahubo 68:11-19 CZB24

INkosi yalikhupha ilizwi: Lalikhulu ixuku labalikhuphayo. Amakhosi ebutho abaleka masinyane, nenkosikazi eyayisele ekhaya yahlukanisa impango. Noma ulala phakathi kwezimbiza, uyakuba njengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva nezimpaphe zalo ngegolide eliphuzi. Lapho uSomandla ehlakaza amakhosi kulo, kwaba mhlophe njengeqhwa eSalimoni. Intaba kaNkulunkulu injengentaba yaseBashani; intaba ephakeme njengentaba yaseBashani. Nigxumelani nina zintaba eziphakemeyo? iyigquma uNkulunkulu afuna ukuhlala kulo; yebo, uJehova uyakuhlala kulo kuze kube phakade. Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, yebo, izinkulungwane zezingelosi; uJehova uphakathi kwazo njengaseSinayi endlini engcwele. Wenyukela ezindaweni eziphakemeyo, wathumba abathunjwa; ukwamukela abantu izipho; yebo, nakwabahlubukayo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale phakathi kwabo. Makabongwe uJehova osithwalisa kanzima imihla ngemihla ngemisebenzi emihle, yebo, uNkulunkulu wensindiso yethu. Sela.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Amahubo 68:11-19