AmaHubo 68:11-19

AmaHubo 68:11-19 ZUL59

INkosi iphumisa izwi; abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu. Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona; isifazane esihlezi ekhaya sabela impango. Nxa nilala phakathi kwezibaya, kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo. Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo, likhithika iqhwa eSalimoni. Intaba yaseBashani iyintaba kaNkulunkulu; intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo. Nina zintaba ezineziqongo, yini ukuba niyibuke ngomhawu intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade. Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, izinkulungwane nezinkulungwane; iNkosi iphakathi kwazo; iSinayi lisendaweni engcwele. Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona. Mayibongwe iNkosi. Iyasithwala imihla ngemihla; uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela*

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 68:11-19

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo