Amahubo 68:1-10

Amahubo 68:1-10 CZB24

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Makavuke uNkulunkulu, zihlakazeke izitha zakhe; labo abamzondayo kababaleke kuye. Baxosheni njengokupheshulwa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo, kanjalo ababi mababhubhe phambi kukaNkulunkulu. Kodwa abalungileyo kathokoze; mabajabule phambi kukaNkulunkulu, yebo, mabajabule kakhulu. Hlabelelani inkazimulo kaNkulunkulu, nihubele inkazimulo yegama lakhe; mdumiseni ogibele izulu ngegama lakhe elithi JEHOVA, nithokoze phambi kobuso bakhe. Uyise wezintandane nomahluleli wabafelokazi nguNkulunkulu endlini yakhe engcwele. UNkulunkulu uhlalisa ababodwa emindenini, akhiphe ababoshwe ngamaketanga, kepha abahlubukayo bahlala ezweni elomileyo. O Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho, lapho udabula enkangala; I-Cella: Umhlaba wazamazama, nezulu lawa phambi kukaNkulunkulu; iSinayi lathuthumela phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli. Wena, Nkulunkulu, wathumela imvula enkulu, owaqinisa ngayo ifa lakho lapho selikhathele. Ibandla lakho lahlala kulo; Wena, Nkulunkulu, ubalungiselele abampofu ngobuhle bakho.