AMahubo 68:1-10

AMahubo 68:1-10 ZUL20

Makavuke uNkulunkulu, izitha zakhe zihlakazeke, labo abamzondayo babaleke phambi kwakhe. Njengokuphephuka komusi, nokuncibilika kwengcina phambi komlilo, bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu. Kepha abalungileyo mabajabule, bethabe phambi kukaNkulunkulu, bathokoze nokuthokoza. Hubelani uNkulunkulu, nidumise igama lakhe, lowo ogibela amafu, nimenzele indlela, igama lakhe nguSimakade, yethabani phambi kwakhe. UnguYise wezinkedama, nomvikeli wabafelokazi; unguNkulunkulu osendaweni yakhe yokuhlala engcwele. UNkulunkulu uhlalisa imihlalaqha ezindlini, akhulule iziboshwa bese zinethezeka, abahlubukayo bodwa abahlala emaqwaqwasini. Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho, ekudabuleni kwakho ihlane, umhlaba wazamazama, izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu, neSinayi yazamazama phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli. Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selehlulekile, waliqinisa. Ibandla lakho lakha kulo, ngobuhle bakho, wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.